Eshowe District Hospital

Eshowe District Hospital Eshowe District Hospital is the Government Hospital at uMlalazi Local Municipality under King Cetshwayo District, KwaZulu-Natal Province, South Africa.

We have 24 hours Service Emergency unit.

SIVALWE ENKWALINI CLINIC ISITHANGAMI SOKUXOXISANA NEMIPHAKATHI ESEBENZISA IMITHOLAMPILO YETHUUhlelo lokuxoxisana nemipha...
10/06/2026

SIVALWE ENKWALINI CLINIC ISITHANGAMI SOKUXOXISANA NEMIPHAKATHI ESEBENZISA IMITHOLAMPILO YETHU

Uhlelo lokuxoxisana nemiphakathi ethola usizo emitholampilo yethu luqhubeke ngempumelelo eNkwalini Clinic namuhla.

Lomtholampilo usendaweni ecezile nomphakathi njengoba uthi awusondelane namapulazi kakhulu futhi ungasekupheleni kwemingcele eyehlukanisa indawo esetshenzwa yisibhedlela Eshowe District Hospital. Lomtholampilo uwusizo kakhulu kubantu abedlula ngomgwaqo uR66 njengoba useduze nomgwaqo, uphinde futhi ulekelele abasebenza emapulazini aseduzane; bese kuhlobula noMphakathi waseNdundulu okwaziyo ukwehlela kuwona.

Njengokwejwayelekile ke imitholampilo eseceleni njengalona igcina ingenazo izinhlaka zomphakathi eziyiqaphe eduze njengefa lazo. Nakulomtholampilo izinhlaka abezilindelekile iningi lazo alibonakalanga. Kodwa ke oyiKhansela lika ward 27 uMhlonishwa uKhansela uNgema ophinde abe nguSekela Meya woMkhandlu UMlalazi Municipality ubekhona njengesithunywa esimele uMphakathi. Ukhansela unxuse kakhulu umphakathi ukuthi ulushayele ihlombe uhlelo lokufika komgomo owumjovo wezinyanga eziyisithupha wokugomela isandulela-ngculaza oqale ukutholakala kuleliviki Eshowe Gatway Clinic kanye naseKing Dinuzulu Clinic. Kulemitholampilo ongakafiki kuyona umjovo unxuse ukuthi abantu baqhubeke nomgomo ongamaphilisi aphuzwa nsuku-zonke otholakala kuyona yonke imitholampilo kaHulumeni mahhala.

Lomtholampilo ngenxa yokwehla komthamo womphakathi owuvakashelayo kusukela ngonyaka ofile ushintshiwe isinzuku zokusebenza njengoba bewuvulwa Nsuku zonke emini; kepha manje sewuvulwa ngoMsombuluka kuya kuLwesihlanu kuphela.

Nakuba unakho ukushodelwa ngabasebenzi kodwa lokho okwamanje akuzweli kakhulu kubasebenzi bethu njengoba bengafiki ngobuningi abawusebenzisayo. Ziningi ke izizathu ezibangela bengafiki ngobungi esinye sazo ukuba seceleni kwawo noMphakathi okwenza kungabi lula kumuntu osuka eNcemaneni ukufinyelela kuwona; kanye nezinto zokuthutha ezedlula sezigcwele uma sekufanele zibabuyisele emakhaya abantu.

LoMtholampilo ngokwezibalo kulindeleke ukuthi usize abantu abalinganiselwa ngaphezudlwana kuka 8 600 kodwa kuyaphawuleka ukuthi ugcina ubone abalinganiselwa ngaphezudlwana kuka 4000 ezinyangeni ezintathu.

Umphakathi obukhona uncome kakhulu indlela yokusebenza kanye nempatho oyinikwa ngabasebenzi balomtholampilo.

Phakathi kwemibuzo umphakathi obufisa ukucaciselwa yona nephendulwe ngedlela ewugcilisile ngeyohlelo olulandelwa nguMtholampilo ukuqasha abasebenzi abaziwa ngo EPWP; uhlelo lokusebenza koNompilo; uhlelo lokutholakala kwemithi ethe-xaxa ukuze umuntu angabuyi njalo-njalo emtholampilo ezolanda imithi yakhe kanye nohlelo lokulanda imithi ngokushesha ungami kulayini okanye uyilande eMakhemisi azimele (CCMDD).

Ethula amazwi akhe okubonga obambe njengoMphathi woMtholampilo uMrs T.W.A Nyawo ubonge kakhulu uMasipala uMlalazi osize ngezihlalo zokuhlalisa abebeze kulomhlangano ngosizo luka Khansela M.M Ngema. Uphinde wabonga isitolo esingumakhelwane iNkwalini Store ngokweseka lomhlangano ngokudliwayo ukuqinisekisa ukuthi oshukela bomphakathi bengathikamezeki.

Sibheke phambili-ke onyakeni olandelayo lapho siyophinde sibe nalezi zithangami zokuxoxisana nemiphakathi yethu ngendlela imitholampilo yethu esebenza ngayo.

Lusa,okwaziswa usuku lomhlangano ozokwethula umbiko wokusebenza kwesibhedlela sethu ozobe sewuhlanganisa zonke lezinhlaka ezengamele imiphakathi esebenzisa lemitholampilo ebesiye kuyona njengoba kuyiyona ephakela isibhedlela ngeziguli.

DID YOU KNOW?King Dinuzulu Clinic & Eshowe Gateway ClinicAre amongst the first 74 Clinics to provide   in KwaZulu-Natal....
05/06/2026

DID YOU KNOW?
King Dinuzulu Clinic & Eshowe Gateway Clinic
Are amongst the first 74 Clinics to provide in KwaZulu-Natal.


Simema Zonke Izinhlaka zoMphakathi othola usizo eMtholampilo eNkwalini Clinic ukuba zethamele umhlangano ovulelekile mhl...
04/06/2026

Simema Zonke Izinhlaka zoMphakathi othola usizo eMtholampilo eNkwalini Clinic ukuba zethamele umhlangano ovulelekile mhlaka 10 June 2026; Sizoxoxisana ngokusebenza kwaloMtholampilo

SIBONISANE NOMPHAKATHI WASEMLALAZI NGOKUSEBENZA KWE SIPHILILE CLINICZihambe ngokohlelo izingxoxo ebezihlelwe yisibhedlel...
03/06/2026

SIBONISANE NOMPHAKATHI WASEMLALAZI NGOKUSEBENZA KWE SIPHILILE CLINIC

Zihambe ngokohlelo izingxoxo ebezihlelwe yisibhedlela Eshowe District Hospital zokubonisana nomphakathi osebenzisa umtholampilo iSiphilile Clinic namuhla.

Nakuba izinhlaka eziningi obekulindeleke ukuthi zibekhona njengeziyiso lomphakathi ekusebenzeni kwaloyamthompilo zingavelanga kulomhlangano kwazise bewuqonde nezinsuku zokuholwa kwezibonelelo zikahulumeni; lokho akuluphazamisanga kakhulu uhlelo.

Phakathi kwezinhlaka ezibonakele singabala ubuholi boMdabu obebumelwe yiziNduna zesizwe sakwaMpungose uMnyango wezeMfundo obumelle nguThishanhloko wesikole esingumakhelwane iMaququ Primary School kanye noMnyango Wezokubusa ngokubambisana nokuphatha koMdabu (COGTA).

Azikho izingqinamba ezivelzwe nguMphakathi ngokusebenza kwaloMtholampilo kulomhlangano.

Ethula umbiko wokusebenza koMtholampilo onguMphathi wawo uSr. L Molefe uveze ukuthi loMtholampilo usebenza izinsuku eziyisikhombisa evikini kanti uvulwa ngo 7 ekuseni uvalwe ngo 4 ntambama. LoMtholampilo unenani labahlengikazi abaqeqeshelwe ngokugcwele ukusebenza emtholampilo (PHC) abathathu kuphela; okwenza kuthi kuhambe kancane kolayini. Umphakathi unxuswe kakhulu ukuthi ugcine izinsuku osuke kuvunyelwene ngalo lokubuya. Kuphinde kwanxuswa ukuthi umphakathi uwusebenzise kakhulu loMtholampilo ngoba uma izibalo zokusetshenziswa kwawo ziphansi kwenza kungabi lulo ukuthi uyholelwe inani elengeziwe labasebenzi, nokuthi kuba lula ukuthi uMnyango utomule kuloMtholampilo uma udinga uMhlengikazi ozoyosebenza kweminye imitholampilo.

Ezinkingeni ezibakhathazayo kubalwe ukungaqali ngesikhathi ukuvakashela uMthompilo kwabakhulelwe, ukungalethwa kwabantwana ukuzogoma; ukufika emtholampilo ngezikhathi zokuvala kanye nokufika kwabantu sebeqisile ophuzweni oludakayo. Umphakathi ukhuthaziwe ukuthi usebenzise izinhlaka ezigunyaziwe ukubika izikhalazo uma kunokithile ongagculisekile ngakho; ngoba ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kubhekwa njengokuzakhela iContent ngakho akukutholi ukunakwa okufanelekile.

Ngezikhathi zezimvula lomtholampilo unokuhlushwa ngamanzi ageleza esuka emgwaqweni adabule phakathi eMtholampilo lokhu kwenza kungahambeki kalula egcekeni kuphinde kulimaze nezindonga zomtholampilo.

Umphakathi ube sewaziswa ngohlelo lwamaphilisi okuvikela isandulelangculaza atholakalayo kulomtholampilo.

Umphakathi uncome kakhulu ukusebenza ngokuzinikela kwabasebenzi baloMtholampilo wanxusa nokuthi kuqiniswe kakhulu ezikuphepha kulomtholampilo ngoba izigameko eziningi eziphawulekile zisolisa ukuthi ziyaxega ezokuphepha okwenza uMtholampilo ubukeke ungavikelekile kahle.

DELAYED PHOTO GALLERY 28 MAY 2026:2026 Nurses Day Commemoration Eshowe District Hospital  made posible by Capital Legacy...
30/05/2026

DELAYED PHOTO GALLERY 28 MAY 2026:

2026 Nurses Day Commemoration Eshowe District Hospital made posible by Capital Legacy and LegalWise South Africa on the 28th of May 2026. Among the guests were Chatsmed Candlelight Nursing School Eshowe Campus delegates, and the guest speaker was Mr. N.M Mthembu CEO for Nkandla Hospital.

Shout out to our newest followers! Excited to have you onboard! Njabulo Mbonambi, Zibongele Majola, Nonkululeko Da Costa...
30/05/2026

Shout out to our newest followers! Excited to have you onboard! Njabulo Mbonambi, Zibongele Majola, Nonkululeko Da Costa, Nomzamo L KamaNzuza Mkhwanazi, Mandla Man's Power, Sbu Ngema Zakhelengema, Sikolethu Z Mtshali, Sisanda MfanakamaNgema Khumalo, Zamokuhle Gausi, Ntombi KamaMtshali Ntuli, Annabel Thatoh Thatoh, Majiya Nzuza, Thando Njoms, Majobe Mbukiso, Sneh Gumede, Mehloh Fikile Masango, Jeff Majeffana Buthelezi, Andiswa Ndlovu, Yolanda Nobuhle Mdletshe, Zanethemba Sibiya, Theophillus Tebogo, Sthabile Buyile Angel, Nontobeko Sibahle Dlamini, Msane Sqangabezi Tidoer, Ntokozo KaMamabaso Shozi, Zodwa KaSontshikazi Mbatha, Oka Phakah Maka Lwah, Zipho Zipho Mthembu, Celani Zincume, Nonsikelelo Xulu, Cphiwo Sunnydale, Slie Z Shange, Sbusiso Dumisa, Faith Zulu, Hlulabathakathi Hlularh, Queen Latita, Bridget Bridget, Mbalier MaNyatty, Sandirh Madlula Grey, Nontle Langa, Khuliwe Nhlahlo, Xoloh Kwando, Mbalenhle Khumalo, Pele Nascimento, Zee Ngcobo, ZandileeRh MagwaZarh, Mbally Rose, Mcanyana Nonjabulo, Thoba Thobani, Lungy Nzama

UBUPHUME NKALO-ZONKE UMPHAKATHI WASE MNGAMPONDO UZE KWISIBHEDLELA KUBANTUUmphakathi waseMngampondo; Ofasimba nakwaNomyac...
29/05/2026

UBUPHUME NKALO-ZONKE UMPHAKATHI WASE MNGAMPONDO UZE KWISIBHEDLELA KUBANTU

Umphakathi waseMngampondo; Ofasimba nakwaNomyaca bewuphume ngobungi bawo uzothola usizo lwezeMpilo eMngampondo Primary School.

Nakuba lomphakathi uluthokozelile usizo obelusondezwe yisibheslela Eshowe District Hospital kuwona; kodwa kuwudumazile ukungaphumeleli kosizo lukaDokotela weziNdlebe; owaMazinyo kanye nowaMehlo.

Lokhu kusukumise uMphathi weSibhedlela uMnu M.T Dube waziyela mathupha ukuyocacisela uMphakathi ngezingqinamba ezivele ngemizuzu yokugcina zaholela ekungaphumelelini kwalaboDokotela.

Ube esebophezela iSibhedlela ekutheni sizohlela olunye usuku ungakapheli lonyaka okuzobuya ngalo laboDokotela abangafikanga ukuzonikeza uMphakathi lolusizo olusalile namuhla.

Ngaphandle kwalokho zonke izinye izinhlelo zihambe njengoba bekuhleliwe noMphakathi uluthokozele kakhulu uhlelo lokusondezwa kwezinsizakalo zaseSibhedlela eMphakathini.



SIMEMA UMPHAKATHI WASEMLALAZI NAMAPHETHELOKumenywa Zonke Izinhlaka zoMphakathi othola usizo eMtholampilo eSiphilile Clin...
28/05/2026

SIMEMA UMPHAKATHI WASEMLALAZI NAMAPHETHELO

Kumenywa Zonke Izinhlaka zoMphakathi othola usizo eMtholampilo eSiphilile Clinic ukuba zethamele umhlangano ovulelekile mhlaka 03 June 2026 mayelana nokusebenza kwaloMtholampilo.

Eshowe District Hospital Will host Nurses Day Celebration  today, please join us in wishing our Nurses a Happy Nurses Da...
28/05/2026

Eshowe District Hospital Will host Nurses Day Celebration today, please join us in wishing our Nurses a Happy Nurses Day Commemoration.

MPHAKATHI WASE NDLANGUBO NamaphetheloNiyamenywa eMNGAMPONDO PRIMARY SCHOOL NgoMhlaka 29 May 2026 ngo 09h00 ekuseni.Kuzob...
24/05/2026

MPHAKATHI WASE NDLANGUBO Namaphethelo
Niyamenywa eMNGAMPONDO PRIMARY SCHOOL NgoMhlaka 29 May 2026 ngo 09h00 ekuseni.

Kuzobe kufike ISIBHEDLELA KUBANTU

Zonke Izinhlelo zezeMpilo ziyobe zitholakala, neminye iminyanga kaHulumeni kulindeleke ibekhona ukuzosiza uMphakathi.

Phelelani ngobuningi benu🙏

Address

40 Kangela Street
Eshowe
3815

Opening Hours

Monday 07:00 - 16:00
Tuesday 07:00 - 16:00
Wednesday 07:00 - 16:00
Thursday 07:00 - 16:00
Friday 07:00 - 19:00

Telephone

+27354734500

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Eshowe District Hospital posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to Eshowe District Hospital:

Share

Category